Sekuvuthe enye iFord Kuga ngemuva ‘kokulungiswa’

2017-02-10 12:30

Cape Town – Izigemegeme ezisanda kuba sematheni zokusha kwezimoto zohlobo lwamaSUV, amaFord Kuga, azikakafuni ukuphela kulandela ukokheleka ngomlilo kwenye imoto ewulolu hlobo eNelspruit (eMbombela), ngemuva kokuthi ibuye kolungiswa.

Ngokombiko weNetwerk24, uThulani Hlope, 37, ugcine ngokubukela ingekho into angayenza ngesikhathi kusha imoto yakhe.

UHlophe utshele iNetwerk24 ngoLwesine (mhlaka-9 kuFebhuwari) ukuthi uthuke woma ebona intuthu isiqala ukuphuma kwibhonethi yemoto yakhe.

OLUNYE UDABA: Abantu abasayingeni eyokuthenga iFord Kuga edume ngokusha

“Angazi ukuthi ngicabangeni njengamanje. Ziningi izinto ezenzeke ngesikhathi esisodwa. Kubukeka sengathi iKuga yami ingenye yalawa akhahlamezekile,” uHlophe utshele iNetwerk24.

UHlophe uthi kwenzeka lesi sigameko nje ubethi uyodla isidlo sasemini evela emsebenzini. Uthi uthe angabona intuthu waphuma ngesamagundane kule moto nokube sekulandelwa ukuthi kuqhume ithangi lamanzi kwabe sekusha imoto.

Esikhathini esingamasonto amabili edlule uHlophe wayekade ehambise le moto yakhe kwelinye lamagaraji kwesinye sesikhungo zakwaFord ukuze ilungiswe njengoba amakhasimende angabanikazi balolu hlobo lwezimoto ayekade eyaleliwe.

Ngaphambilini uFord South Africa wamemezela ukuthi amakhasimende abuyisele emuva izimoto zohlobo lweKuga ezinenjini engu-1.6-litre ukuze kulungiswe inkinga yokushisa ngokweqile kwenjini nengadala ukuthi kushe imoto.

Lokhu kweza ngemuva kokuthi amaFord Kuga angaphezu kuka-45 okheleka ngomlilo kuleli, nokwaholela ekutheni kushone umuntu oyedwa kwesinye sezigameko ngonyaka ka-2016. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.