Sekuyacaca ukuthi kumele ngingene enkundleni ngidlale - Benni

2018-02-21 19:32

Cape Town - Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy usesabise ngokuthuntutha amakhokho akhe abuyele ensimini uma abagadli bekilabhu bengawanyusi amasokisi emidlalweni yemiqhudelwano neyeligi.

UMcCarthy uthi liyamnenga irekhodi elingelihle lamaCitizens elitshengisa ukuthi asavalele amagoli ayisikhombisa nje kuphela emidlalweni eyishumi yokugcina kuyona yonke imiqhudelwano, yize ikilabhu ihlezi endaweni yesithuba kumaqembu e-Absa Premiership.

Nokho, iCity ikwazile ukudlulela emzuliswaneni olandelayo we-CAF Confederation Cup kulandela ukushaya ngo-1-0 iYoung Buffaloes yaseSwazini.

Yize kunjalo uMcCarthy, owake wadlalela iBafana Bafana ngezinsuku zakhe, akajabule ngendlela ezakhe ezidlala ngayo ngamathuba eziwatholayo.

OLUNYE UDABA: Angikavuthwa ngokwenele ukuqeqesha iBafana – Benni

"Angazi noma kufanele ngiyozinciphisa umzimba yini ukuze ngikwazi ukubuyela ebholeni ngidlale. Mhlawumbe lokho kungaba yiqhinga elihle ngoba abanye babadlali bangahlambalazwa yindoda endala eneminyaka engu-40 ubudala ngokuthi ithathe indawo yabo bese yenza umsebenzi oncomekayo kunabo," kusho uMcCarthy etshela izintatheli.

"Angingabazi ukuthi ngingenza into ecokeme kunabanye bala badlali. Hhayi ngoba ngibabukela phansi abadlali bami, kepha le nto isiphenduke insakavukela umchilo wesidwaba - manje angisazi sekumele ngikhulume kanjani."

Uthi akukho abangakwenzi ejimini ukuqinisekisa ukuthi bacija abagadli, kodwa akazi ukuthi kuvele konakalephi uma sebengene enkundleni.



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

5 scientific benefits of owning a cat

According to science, just the act of watching cats itself can bring about positive emotions – so it comes as no surprise then, that owning a cat has a number of benefits.

 

Paws

Why we love cats
8 great natural remedies for your pet
How to clean your dog’s eyes
This special pooch inspired his brother to learn to stand again
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.