Sekuyiswe obunye ubuholi be-ANC enkantolo

2017-10-11 15:59

Bloemfontein – I-ANC ibhekene nenye impi enkantolo njengoba amalungu amabili ayo eFree State efake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu yaseBloemfontein ukuba kuhlakazwe ubuholi obuphezulu besifundazwe kuphinde kukhishwe noSihlalo u-Ace Magashule.

Kulesi sicelo esifakwe enkantolo, iNews24 esibonile, amalungu e-ANC uMcebisi Bokwa noLonwabo Dyi bathi ihlandla lalesi sigungu esiphezu laphela ngomhlaka-12 Meyi.

"Lokho kusho ukuthi akumele engabe basaqhohobele izikhundla baphinde benze imisebenzi ngegama lalesi sigungu. Abanalo igunya lokuba benze imisebenzi yaso, abanawo nje lawo mandla," kufundeka izincwadi ezifungelwe.

Amalungu acele iNational Executive Committee (NEC) ukuba ikhethe ubuholi besikhashana kuze kube kuyiwa okhethweni lokuqokwa kobuholi besifundazwe oluzoba ngoDisemba mhlaka-1 kuya ku-3.

OLUNYE UDABA: I-ANC e-KZN ifake isicelo sokuphikisa isinqumo senkantolo

UDyi noBokwa bathi uMagashule ne-PEC bayaqhubeka nokwenza sengathi basasemandleni. Laba bathi zonke izinqumo ezithathwa yile PEC "azikho semthethweni futhi ziphikisana nomthethosisekelo we-ANC".

Izoba mibi kakhulu imiphumela yale PEC yokuhlala emandleni yize isikhathi sayo saphela kudala, besho.

I-ANC iziphendulela ngezwi lalowo okhulumela i-ANC eFree State uThabo Meeko, itshele iNews24 ukuthi lesi sigungu okukhulunywa ngaso sisemthethweni ngokomthetho, kanjalo nomthethosisekelo kaKhongolose.

UMeeko uthe isifundazwe sayalelwa yizinkantolo ukuba sibambe inkomfa yokukhethwa kobuholi ngoDisemba.

KwaZulu-Natal, i-PEC idlulisele isinqumo senkantolo esathola ukuthi ukhetho esaqokwa kulo lwalungekho emthethweni.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.