Sekuze kwaguga isichathulo befuna kumbiwe isidumbu

2016-08-04 11:32

Durban - Isavutha iminjunju emndenini wakwaDube eFolweni othi usuhambe kwaze kwaguga isicathulo uzama ukuthola ilungelo lokuba kumbiwe isidumbu sendodana yawo eyangwatshwa nguhulumeni ngo-2013, kubika iphephandaba ILANGA.

Iphephandaba lithole ngelungu lo mndeni ukuthi uSicelo Dube washa nomjondolo ayeqashe kuwona washonango-2013 eneminyaka engu-28 ubudala.

UThabiso Dube, ongumfowabo kamufi, uthi isidumbu sathathwa ngabasemakhazeni kahulumeni kuthiwa kuyohlolwa ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi ngesakhe ngempela yini.

Batshelwa ukuthi abalinde isikhathi esincane kubuye imiphumela yolibofuzo ngaphambi kokuba banikezwe isidumbu.

“Besihlala sifonela umseshi simtshela ngamalungiselelo omngcwabo kodwa asitshele ukuthi asilinde kancane sekuzolunga,” kusho umfowabo kamufi.

Funda nalolu daba: Ubulale intombi ngenxa yesikhwele

Uthi bathuke kabi sebethola ukuthi isidumbu sesangcwatshwa ngesikhathi beyobheka emakhazeni ngoba sebengasamtholi umseshi.

Uthi abasemakhazeni babatshele ukuthi isidumbu siyangcwatshwa uma sesihlale izinyanga ezintathu kungaqhamuki muntu womndeni.

Uthi sebehambe kwaze kwaguga isichathulo befuna kumbiwe isidumbu.

Iphephandaba likhulume noDkt Sibongiseni Dlomo, onguNgqongqoshe wezeMpilo eKZN,  wakuqinisekia ukuthi uyalwazi lolu daba.

Uthe wawutshela umndeni ukuba kumele uthole imiphumela yolibofuzo eqinisekisayo ukuthi isidumbu ngesawo ngempela yini bese kuyiwa enkantolo kuyocelwa imvume yokumba isidumbu ngoba iyona kuphela ekhipha igunya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.