Sekwaba insakavukea umchilo wesidwaba ukuwa komrepha esiteji

2016-08-14 13:01

Johannesburg - Kubukeka sengathi sekuphenduka insakavuke umchilo wesidwaba ukuwa kwabaculi behip hop eMzansi.

Kwaqala kwawa oweculo Dlala Ka Yona uL-Tido  ogamalakhe lokuzalwa nguThato Madonsela owawa enandisa  eMaftown Heigt eMary Fitzgerald Square ngoNovemba ngonyaka ophelile.

OLUNYE UDABA:  Isihlabani siphume sinyobozela sihhahhanyezwa esiteji

Manje sekuwe umrepha uSizwe "Reason" Moeketsi  owe esiteji  esahlola imibhobho  kwi-Oppiekoppi Festival  eLimpopo ngesonto eledlule.  Abazibonela ewa bathi uReason wayesezonandisa ngesikhathi ekhubeka wawa phansi.

Omunye uthe: "Lokhu kwenzeke ngemuva kokuba esehlole imibhobho  esezonandisa  esiteji seSkellum. Ngemuva kwesigameko wasukuma wazithintitha wase enza ihlaya wathi "Yo L-Tido zithini, ndoda?" Lokhu ubekusho ngoba nakhu awa noL-Tido ngonyaka ophelile.

Umthombo uthe bekungokokuqala uRearson ewa ukwazile ukuzibamba waqhubeka wanandisa.

"Lo mrepha ushaye izingoma ezimnandi okubalwa kuzo iBump The Cheese Up namnye amaningi. Iqulu livele lakhohlwa ukuwa kwakhe."

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.