Sekwesule amanye amalungu amabili ebhodi leSABC

2016-11-15 10:03

Johannesburg – Sekuphinde kwesula amanye amalungu ebhodi leSABC amabili, lo msakazeli womphakathi ubike kanjalo ngoLwesibili.

Kubikwa ukuthi uNomvuyo Mhlakaza kanye no-Aaron Tshidzumba besule ngempelasonto. Lokho kusho ukuthi uSihlalo waleli bhodi, uMbulaheni Maguvhe, sekunguye kuphela ilungu elingekho ekuphathweni kweSABC.

Ibhodi kudingeka ukuba libe namalungu angu-9 ukuze likwazi ukubamba imihlangano kanye nokuthatha izinqumo.

OLUNYE UDABA: Usuphinde wanyuswa umholo wesikhulu se-SABC, uMotsoeneng

Kwenzeka lokhu nje ikomidi lasephalamende elabunjwa ukuze libheke udaba lwebhodi leSABC lizohlangana okokuqala ngoLwesibili ukuze lidingide ukuthi leli bhodi lisawulungele yini umsebenzi.

Leli komidi laqokwa yiphalamende kanti libekelwe kuze kube nguJanuwari ukuba linqume ngekusasa laleli bhodi.

Kuzokhumbuleka ukuthi amanye amalungu amathathu aleli bhodi esula isigubhukane ngemumva kokuthi lowo owayeyi-Chief Operations Officer, uHlaudi Motsoeneng, abuyiselwa kwesinye isikhundla esiphezulu eSABC.

Ababengamalungu ebhodi, uKrish Naidoo kanye noVusi Mavuso bathusa abaningi bememezela ukwesula kwabo ngesikhathi benomhlangano nekomidi lezokuxhumana ephalamende.

Kodwa-ke uMaguvhe yena kuthiwa usashaya phansi ngonyawo uthi angeke aze dsule esikhundleni sakhe, phezu kophenyo, ngokombiko weSABC. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.