Durban – Ushayelwa izandla kanti abanye bangele ngokuqokwa
kwakhe kumaMetro FM Music Awards uNomasonto Maswanganyi, odume ngelikaMshoza
emculweni.
Kuzokhumbuleka ukuthi kungokokuqala ngqa ukuba uMshoza
aqokwe kuma-MMA’s, nakuba eseneminyaka eminingi engenile emculweni.
Ungene emculweni eseyingane eminyakeni eminingi edlule
ecishe ifinyelele emashumini amabili.
Ingoma aqale ukuduma ngayo ngethi Kortez, ebidansisa lonke
uhlobo lomuntu, nesekhna nanamuhla.
OLUNYE UDABA: UMshoza usethole uthando olusha
Kulokhu uqokwke ngengoma yakhe ethu Abantu Bami, emunxeni
weBest Kwaito Single nabangisana kuwo noL’vovo, Sosha noVetkoek & Mahoota.
Ezinye izingoma zakhe ezidumile phambilini yileyo ethi
Hlabalingene nebidlalwa kakhulu kodwa engazange ukhanye njengale yakamuva.
Ekhuluma neLANGA LangeSonto ngoMgqisbelo uthe yena
akanankinga ngokungaqokwa sonke lesi sikhathi kodwa uyakuthokozela ukuthi
uqokiwe kulokhu.
Ama-MMA azobanjelwa e-ICC ngomhlaka-25 kwephezulu.