Selikhishiwe igama likangqongqoshe oshone engozini

2016-07-07 20:30

Pretoria – Ungqongqoshe waseNorth West oshone engozini yemoto ngoLwesine ukhishiwe igama lakhe kwathiwa nguNgqongqoshe wezeNhlalakahle uKgakgamatso Nkewu.

Umshayeli kaNkewu nomqaphi wakhe kuthiwa babangwa nezibi esibhedlela kulandela ingozi edlule nalo ngqongqoshe.

"Umshayeli nomqaphi basesimeni esibucayi. Eminye imininingwane izovela uma ithimba likahulumeni selihlangene nomndeni laxoxisana nawo,” kusho okhulumela uhulumeni wesifundazwe uBrian Setswambung etshela iNews24.

UNkewu ushone ngoLwesine ntambama ngesikhathi imoto yakhe igqamuka amalangabu ngemuva kokugingqika.

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

"Imoto ibisuka eMahikeng iya eTaung. Ishayise umuntu obehamba ngebhayisikili yase iyagingqika,” esho.

UNkewu ungungqongqoshe wesibili ukushona engozini yemoto esikhathini esingaphansi kwenyanga.

UNgqongqoshe wezoLimo eLimpopo uJoy Matshoge usanda kushona engozini.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.