Selubekiwe olokuqulwa kwelabasolwa abayisithupha 'ababulala' usana

2018-05-04 18:01

Umama wosana olunezinyanga eziyisithupha luzelwe olwabulawa yinhlamvu eyaphaphalaza, uthi kumkhululile ukuthi ekugcineni lugcine lubekiwe usuku lokuqala kokuqulwa kwecala lalabo abasolwa ngokubulala ingane yakhe.

UCindy Woodward ubehambele isigcawu esingaphambi kokuqulwa kwecala eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape ngoLwesihlanu, nokuyinto abeyenza kusukela ngoJulayi.

Icala libekelwe ukuba liqale ukuqulwa ngomhlaka-6 Agasti.

Abasolwa oChristopher September, Larry Johnson, Taswill Kriel, Morné May, Simaney Kido noMirriam Johnson basolwa ngokubulala ingane uZahnia Woodward ngaphandle kwakubo ngoDisemba 2016.

"UZahnia ngabe ubezoba neminyaka emibili nezinyanga ezimbili ukube usaphila, ngosuku okuzoqala ngalo leli cala," kusho uCindy ngemuva kokuphuma enkantolo.

OLUNYE UDABA: Umunyu kushona ingane edubuleke ngephutha ngesibhamu sezinyoni

Uthe uzolihambela leli cala futhi uzokuqinisekisa lokho ngokuthi enze uhlelo oluthile nabaphathi bakhe ukuze abe khona enkantolo zonke izinsuku.

UZahnia washaywa yinhlamvu eyaphaphalaza, ephethwe ngubaba wakhe.

Ubaba wakhe wayecosha idamu lale ngane ngesikhathi ishaywa yinhlamvu ekhanda.

Ubaba naye wadubuleka ethangeni, kepha yize kunjalo wakwazi ukushayela imoto ephuthumisa ingane yakhe esibhedlela.

UCindy uthi wayehla etekisini, ephuma emsebenzini, ngesikhathi etshelwa ukuthi ingane yakhe idubulekile.

UWoodward washonela kwi-ambulensi esedluliselwa eRed Cross Children's Hospital.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.