Selunqunyiwe olokuqondiswa izigwegwe kukaHelen Zille yiDA

2017-06-05 16:01

Cape Town – Lowo owayengumholi weDemocratic Alliance (DA) uHelen Zille kulindeleke ukuba avele ngaphambi kwekomiti lezokuqondiswa kwezigwegwe le qembu ngoLwesihlanu ngenxa yemibhalo yakhe yakuTwitter ngenqubo yengcindezelo. 

Lokhu kuqinisekiswe ngoMsombuluko u-Advocate Glynnis Breytenbach, onguSihlalo weFederal Legal Commission kuDA, nothe kuzobe “kuwukuvela kokuqala”.

UZille ubekwe icala lokufaka iDA ehlazweni, kanye nelokulimaza iqembu, ngemibhalo yakhe yakuTwitter yangomhlaka-16 kuMashi nalapho avikela khona inqubo yengcindezelo. 

OLUNYE UDABA:UZille uzoqondiswa izigwegwe ngakubhale kuTwitter – Maimane

Umholi weqembu, uMmusi Maimane, umemezele ukuthi uZille usemisiwe kuDA ngenxa yalokho. Kodwa usazoqhubeka nokuba nguNdunankulu waseWestern Cape. 

Kungakapheli nesikhathi esingakanani kumenyezelwe ukumiswa kwakhe, uZille uziphendulele eqenjini, wagxeka isigungu salo esiphezulu ngokungahambisani nemithetho yeqembu. 

Esitatimendeni asikhiphe kuTwitter, uthe kunokushayisana phakathi kwencwandi ayinikwe oyiFederal Executive Chair, uJames Selfe, kanye nesimemezelo esenziwe uMaimane.

Uthe lokhu kumiswa kwakhe akuhambisani nomthetho uSection 3.6.3 waleli qembu, odinga ukuthi anikwe isikhathi sokuziphendulela ezinsolweni. 

Kodwa-ke leli qembu kubukeka sengathi libuye lashaya ungqimphothwe ngesikhathi selikhipha isitatimende esithi isigungu esiphezulu seqembu sesibhalele uZille incwadi simazisa ngezinhloso zokummisa okwesikhashana ezinhlelweni zeqembu, kuze kuba kuphothulwa ukuqondiswa kwakhe izigwegwe. 

USelfe ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi azikho izethulo abebesazitholile ezivela kuZille. 

UMaimane uthi wacela uZille ukuthi axolise ngokungakhathali kwiNingizimu Afrika kanye nakuDA ngomonakalo asewudalile, kodwa “ngebhadi wanqaba”. 

Kodwa-ke uZille uziphendulele ngokuthi waxolisa, wathi into yena angazange avume ukuyenza ukuvuma icala lokungaziphathi kahle ngento angayenzanga. 

UZille uphinde washaya phansi ngonyawo, wathi yena angeke aze asatshiswe ukuze asule noma azibeke icala. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.