Seluqalile uhlelo lokufakwa kwezingane ezikoleni zaseGauteng

2017-07-26 07:05

Johannesburg – Uhlelo lokufaka abafundi ezikoleni zaseGauteng seluqalile, lokhu kuvezwe wuMnyango wezeMfundo kulesi sifundazwe.

UMnyango uthi abazali bazothola ama-SMS abazisayo ngokuthi izingane zizofakwa kuziphi izikole kanti kubalulekile ukuthi abazali baphendule ngokuthi bayavuma zifakwe lapho noma cha kungakaphezi izinsuku eziyisikhombisa bethole imiyalezo.

Lolu hlelo luzoqhubeka luze luvalwe ngomhlaka-30 ku-Okthoba.

OLUNYE UDABA:Bangu-58 000 abafundi abangakazitholi izikhala zokufunda eGauteng

"Sinxusa abazali ukuba bayiphendule imiyalezo ngokuthi bayavuma noma abazivumi izikole abakhethelwe zona," kusho owoMnyango u-Oupa Bodibe.

Labo abangawatholi ama-SMS kuze kuphele u-Agasti, bangatatazeli kepha kumele baxhumane nehhovisi lesifunda.

"Izifunda zisebenzisana nezikole ukuhlolisisa uhlu lwabazofakwa ezikoleni, le nqubo ike yaphazamiseka ngenxa yamaholidi asebusika," kusho lo Mnyango.

Abazali ababhalisa izingane kodwa kwangaphumelela, bavumelekile ukufaka izikhalazo emahhovisi esifunda.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.