Sengathi kungaqiniswa ezokuphepha emcimbini kaMaskandi eThekwini namuhla

2018-04-28 11:39

eThekwini - Seluze lwafika usuku ebelubhekwe ngabomvu ngabathandi bomculo kaMaskandi eThekwini.

Namuhla kunomcimbi owaziwa ngeMTN Maskandi Music Fesival eCurries Fountain.

Kulo mcimbi kuboshelwe ngezintandokazi zodwa kulo mculo nokuyinto ehlezi ibathokozisa kakhulu abathandi bakaMaskandi, ukuhambela umcimbi lapho abanesiqiniseko sokuthi amaqhawe abo nakanjani azobe ekhona.

Kulo mcimbi, abaculi bazobe bebanga isizumbulu sikaR50 000 kanye nezinkomo ezinhlanu.

Uyothi uphela lomcimbi kozobe sekwaziwa ukuthi yimuphi uMaskandi odla ubhedu kuleli.

Ngonyaka odlule, uBahubhe uiyena owabashaya bonke emakhanda wakhala wemuka nonyanyavu lwe-Toyota Fortuner.

OLUNYE UDABA:Ubahambele kahle umcimbi weGqomu abathembisane umshado besazijuxuza

Yize lomcimbi ubhekwe ngabomvu, bakhona abanqikanqika ngokuhambela kulenkundla ngemuva kwezidubedube zangonyaka odlule.

Kule mpelasonto ngonyaka odlule, kwakunomcimbi kaMaskandi khona kule nkundla, owaphela sekulimele abalandeli ngesikhathi sekudutshulwana.

Yize kungakaze kuqondakale kahle ukuthi lolu dlame lwaqala kanjani, kodwa kukhona abalandeli bakaMaskandi abasala enkundleni abanye baphuthunyiswa ezibhedlela benamanxeba okudutshulwa.

Abaphathi bale nkundla baphoqeleka ukuba ivalwe imicimbi kaMaskandi kuze kube wukuthi kuba khona ukubekezelelana nokuzwana futhi kuqiniswa nezokuphepha kule micimbi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.