Sengizokwazi ukukhokha izikweletu zami, kusho obambe iPowerball ka-R70m

2018-01-29 16:00

Johannesburg - Uthi akakholwanga owesilisa waseGauteng ngesikhathi ethola umqhafazo uvela ebhange umazisa ukuthi usehlabane no-R70 million kwiLotto.

Le ndoda, ecele ukungadalulwa igama layo, ithi ibijwayele vele "ukuthatha amashansi" njengoba yaqala ukudlala iLotto eminyakeni engu-18 eyedlule.

"Ngaleso sikhathi ngangingayidlali njalo ngoba nganginqena ukubamba imigqa emide. Kuthe uma u-FNB ususinikeza ithuba lokudlala iLotto, kwase kuba lula," esho.

Uthi imali enkulu ake adlala ngayo iLotto kwaba ngu-R1 300, adlala ngawo ngonyaka owedlule.

Uthi njengenhlalayenza, njengoba njalo ngesonto ebedlala iQuick Pick ka-R240 nge-App yase-FNB, nangomhlaka-12 Januwari wenza okufanayo.

Uthi akakholwanga ngelanga elilandelayo esethola umqhafazo ophuma ebhange umazisa ukuthi uwinile.

OLUNYE UDABA: Ibanjwe ngowaseLadysmith iLotto yayizolo

"Ngaqale ngazitshela ukuthi kukhona abazama ukungiwaka, nganganaka," echaza.

Uthi kwathi uma eyivula imiqhafazo wathola ukuthi uhlabene nePowerball.

Nguye kuphela owawina iPowerball ngalelo langa, kwathi abanye abantu abahlanu babamba iPowerball Plus.

Uthi namanje akakholwa ukuthi uhlangabezane nenhlanhla enje, kanti uthi akakatsheli ngisho umndeni wakhe ngale ndaba. "Ngisatshele umuntu oyedwa kuphela, okunguyena engimtshela zonke izimfihlo zami."

"Ngijabulela ukuthi sengizokwazi ukukhokha zonke izikweletu zami," esho ngokujabula.

Uthe enye imali uzoyilondoloza ukuze aqinisekise ukuthi izingane zakhe ziba nekusasa eliqhakazile.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.