Senyukile isibalo sokudlwengulwa kwabantu kuleli - Stats SA

2017-09-29 09:31

Pretoria – IStatistics South Africa (StatsSA) ithole ukuthi amacala ahlobene nocansi, okubalwa kuwona nokudlwengula, enyuke ngo-117% ngonyakamali odlule. 

Bangu-50 883 abantu ababike ukuthi bayizisulu zokuhlunyezwa ngokocansi, kanti abangu-31 817 kubona ngabantu besifazane.

Ucwaningo ngezisulu zobugebengu luka-2016/2017, olwenziwe emizini engu-30 000 ezweni lonke, lukhishwe ngoLwesine ePitoli.

IStatsSA ithe kodwa lezi zibalo kumele zisetshenziswe ngokucophelela ngenxa yokuthi ucwaningo alukho sezingeni eliphezulu kakhulu kolwamukelekile.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe kwabulawa intombazane,4, eGoli

Ucwaningo luphinde lwaveza ukuthi kubulawe abantu abangu-16 201 ngesikhathi esifanayo, nokusho ukuthi isibalo senyuke ngo-8% uma kuqhathaniswa nonyakamali odlule.

Kuphinde kwatholakala ukuthi abantu besifazane okuyibona abaphethe imizi basemathubeni amaningi okubulawa.

Kulolu cwaningi kuvele ukuthi lehlile izinga lokugqekezwa kwemizi, ukuphanga nokwebiwa kwezinto zabantu.

Izinto ezebiwa kakhulu amaselula, imali kanye namakhadi asebhange.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.