Sesibutholile ubulungiswa, kusho abazali baReeva

2017-11-24 16:00

eGoli - UBarry noJune Steenkamp bathi sebebutholile ubulungiswa nokuthi indodakazi yabo uReeve eyabulawa yisoka layo isizolala ngokuthula.

La bazali asebedlule esimweni esinzima kakhulu kuqulwa icala lokubulawa kwendodakazi yabo, basho lokhu ngosizo lommeli wabo uTania Koen.

Bathi ithemba labo kwezomthetho liqinisekiswe yiNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala eguqule isigwebo sombulali wendodakazi yabo u-Oscar Pistorius sisuka eminyakeni eyisithupha saba yiminyaka eyishumi nantathu.

OLUNYE UDABA:Inkantolo yelule isigwebo sika-Oscar Pistorius ngecala lokubulala

UKoen uthe abakwaSteenkamp sekumele bagxile enhlanganweni iReeva Steenkamp Foundation, abayisungulela ukuqhubeka nomsebenzi owaqalwa yile ndodakazi yabo ukuze bezokwazi ukuqala nohlelo lokuxola ngakho konke.

UReeva washona ngosuku okwakumele ayokwethula ngalo inkulumo mayelana nokuhlukumezeka kwezingane nabantu besimame, kubika iThe Citizen.

"Isigwebo esehliswa yiNkantolo eNkulu ngecala lokubulala sibekwe eceleni, ummangalelwa usezohlala iminyaka engu-13 nezinyanga ezinhlanu ejele," kusho iJaji uLegoabe Willie Seriti ngoLwesihlanu.

Uthe empeleni uPistorius bekumele agwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele, kepha inkantolo i-SCA iyakuqonda ukuthi lo msubathi ubeseyidonsile ingxenye yesigwebo sakhe.

UMbuso wafaka isicelo sokuba kuguqulwe isigwebo seminyaka engu-6 esanikezwa uPistorius.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.