Sesifinyelele kwabathathu isibalo sabashone ezimvuleni eKZN

2016-07-26 14:30

Durban - Kutakulwe isidumbu somuntu wesilisa odakeni ngoLwesibili ekuseni ngemuva kokuthi ukubihlika kodaka kucekele phansi imijondolo eCato Manor.

Amaphoyisa angabatakuli aqale ngoMsombuluko ebusuku ukuthungatha izisulu, kepha alumisa uhlelo ngenxa yemvula ebiyidliva kakhulu.

Kukholakala ukuthi abatakuli basizwe yizinja ezihogela umkhondo ukuthi bathole isidumbu sale ndoda ebisimbozwe wudaka nemfucuza ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Izikhukhula zidale umonakalo eLimpopo naseKZN

Lokhu sekubeka kwabathathu inani labashonile kulandela izikhukhula ebezihlasele isifundazwe ngoMsombuluko ebusuku.

Sitholakele ekuseni ngoLwesibili isidumbu sowesifazane kulandela ukuthi imoto yakhe igugulwe amanzi ebhulohweni eliseChatsworth.

Ekuseni, uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana uqinisekise ukushona komuntu oyedwa ngoMsombuluko ebusuku.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.