Sesihoxisiwe isinqumo sokwelula amahora okudayisa utshwala

2017-01-04 11:31

Johannesburg – Sekudalulwe ukuthi iGauteng Liquor Board isigcine isihoxisile isinqumo sayo sokwelula izikhathi zokudayiswa kotshwala ngempelasonto yomcimbi we-ANC.

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa ku-Twitter uthe i-ANC ayizange ifake isicelo sokuba kwelulwe izikhathi zokudayisa utshwala kodwa leso yisinqumo esithathwe yiGauteng Liquor, asihlanganise lutho ne-ANC futhi leli qembu alihambisani naso.

NgoLwesibili iGauteng Liquor Board (GLB) ithe izokwelula izikhathi zokudayisa utshwala ngokuhambisana nesigaba 3 nesigaba 33 seGauteng Liquor Act.

OLUNYE UDABA: Kulimale 15 wabantu kushayisana amatekisi eKZN

I-African National Congress izobe ibungaza iminyaka engu-105 kanti izobe inomcimbi ozobanjelwa e-Orlando Stadium, eSoweto ngomhlaka 8 Januwari 2017.

I-African National Congress Women’s League (ANCWL) ngoLwesibili isigxekile lesi sinqumo yaxwayisa ngokuthi ngeke ivumele lo mcimbi weqembu elibusayo uphendulwe owotshwala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.