Sesimi ku-5 isibalo sabashone kulandela eyenzeke ku-N3

2018-05-02 14:00

Durban - UMnyango wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uthi sekushone abanye abantu ababili esibhedlela ngemuva kwengozi eyenzeke ku-N3 kuVan Reenens Pass phakathi kweKwaZulu-Natal naseFree State ngoLwesibili phezu kwabathathu abesebevele beshonile.

Okhulumela uMnyango, uKwanele Ncalane uthe: "Abantu ababili bashonele endaweni yesigameko kanti omunye ushonele endleleni eya esibhedlela, abanye ababili bashonele esibhedlela.

"Le ngozi idale esikhulu isiminyaminya njengoba kudingeke ukuthi kuvalwe umgwaqo isikhathi eside."

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abayisihlanu engozini yemoto eRusternburg

Esigamekweni esehlukile, kushone abantu ababili engozini ebandakanya izimoto ezimbili ku-N3 eduzane nakuTugela Toll Plaza.

UNcalane uthe uMnyango uzomemezela maduze izinhlelo zokukhuphula ezokuphepha emgwaqeni.

Uthe: "Njengohulumeni wesifundazwe noMnyango wezokuThutha sicela abantu baqaphele emigwaqeni."

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.