'Sesingagoduka-ke manje', kusho abaseZimbabwe abahlala eGoli

2017-11-22 11:01

Johannesburg - Amakhulu abantu baseZimbabwe abafudukela eNingizimu Afrika bebalekela indlala nokusweleka kwemisebenzi ngaphansi kukaRobert Mugabe, bangene emigwaqeni yaseGoli bebhiyozela ukwesula kukalo mengameli obengathandwa.

Bekufuthwa amavuvuzela, kubhakuziswa amafulegi aseZimbabwe eHillbrow, okuyindawo enabantu abaningi bokufika eGoli.

"Sifuna ukubuyela ekhaya, nakusasa nje uma kungenzeka. Ngijabule kakhulu," kusho uNikiwe Khumalo, 60, etshela i-AFP, ngemuva kweminyaka engu-36 ashiya eZimbabwe "eyozama impilo" eNingizimu Afrika.

Ngaphansi koMbuso kaMugabe izwe labhekana nomnotho ontengayo, ukuswelakala kwemisebenzi kanye nobubha kulandela ukuxoshwa kwabalimi abamhlophe kwashaqwa namapulazi abo, okuyinto eyaholela ekutheni kungabikhona ukudla okukhiqizwayo.

OLUNYE UDABA: BUKA: Umengameli waseBotswana edansa kumenyezelwa ukuthi uMugabe usesulile

Ngenxa yempilo engeyinhle eZimbabwe, izakhamuzi eziningi zafudukela eNingizimu Afrika zizozama impilo.

Kuthe ngemuva kokwesula kukaMugabe ngoLwesibili, ababhikishi bagcwala imigwaqo yaseGoli bejabulela ukuthi "sebekhululekile".

"Sizophindela emuva siyokwakha kabusha iZimbabwe entsha nengcono...siyosebenza, sivule namabhizinisi," kusho owesilisa othe igama lakhe nguRuben.

Abazali bakaCleopatra, 16, bafika eNingizimu Afrika engakazalwa kanti ukwesula kukaMugabe kusho ukuthi uzothola ukuvakashela izwe adabuka kulona.

"Ngifuna ukuphindela ezweni lokhokho. Angikaze ngiye eZimbabwe," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.