Sesinikele enkantolo isikhulu esaxoshelwa ukubhikisha ngoZuma

2017-05-18 11:03

Bloemfontein – Isikhulu sikahulumeni esamiswa emsebenzini ngemuva kokuba sibe yingxenye yemashi okwakubhikishelwa kuyona uMengameli Jacob Zuma, sesinikele eNkantolo yezabaSebenzi ngenhloso yokuphonsela inselelo ukumiswa kwaso.

UTeboho Loate, oyiChief Director of Sport, Arts and Culture eFree State, ucela nokuthi inkantolo inqume ukuthi ukumiswa kwakhe akukho emthethweni futhi akuhambisani nomthethosisekelo, iNetwerk24 ibike kanjalo.

Esitatimendeni sasenkantolo, uLoate uthe wayese-Union Buildings, ePitoli, ngesikhathi kunemashi yamaqembu aphikisayo kanye nezinhlangano zomphakathi ngomhlaka-12 ku-Ephreli. Inhloso yombhikisho kwakuwukunxusa ukuthi uMengameli Zuma ehle esikhundleni. ULoate  uthi wacele ukuthatha ikhefu usuku olulodwa emsebenzini ukuze akwazi ukuba sePitoli.

ULoate uyilungu leNational Executive Committee kwiCope.

OLUNYE UDABA: Ngeke ngikwazi ukulungisa amaphutha engingawazi - Zuma

Ngesikhathi esePitoli, intatheli yambuza: “Kuzophela nini lokhu?”

“Kuzophela ngelinye ilanga,” waphendula kanjalo.

Ngokuhamba kwezinsuku, wabe esefonelwa umngani emtshela ukuthi izikhulu eziphezulu zoMnyango (iningi lazo okungamalungu e-African National Congress) zifuna ukumxosha.

Ngomhlaka-24 ku-Ephreli wabe esethola incwadi evela kwiNhloko yoMnyango akuwona, uStanley Malope, emcela ukuba anikezele ngezizathu zokuthi kungani kungamele amiswe emsebenzini.

Ngokwencwadi, wenza ukuphawula okungenanhlonipho ngoMengameli, okungase kube ukwephulwa komgomo wokuziphatha kwakhe.

Waphendula, kodwa noma kunjalo wamiswa ngomhlaka-2 kuMeyi.

ULoate uthi akekho owamtshela ukuthi yiziphi izinsolo azenza ngoMengameli.

Yena uthi uMengameli akasiye umqashi wakhe, umqashi wakhe uMnyango. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.