Sesinyukele ngaphezu kuka-300 esabashone eSomalia

2017-10-16 14:05

Mogadishu – Umqondisi wenkampani yama-ambulensi enhlokodolobha yaseSomalia iMogadishu uthi isibalo sabashone esigamekweni sokuqhuma kwebhomu ngoMgqibelo sesifinyelele ngaphezu kuka-300.

U-Dkt Abdulkadir Adam, onguMqondisi we-Aamin Ambulance, uthi baningi abantu abashone emahoreni edlule ngenxa yokuthi bebelimele kabi.

Lesi sigameko sithathwa njengesikhulu kwezake zenzeka kuleliya lizwe lase-Afrika kuze kube manje kanti isibalo sabashonile kulindeleke sinyuke kakhulu.

ISomalia isola iqembu i-al-Shabaab ngalesi sigameko, kodwa yona ibingakaphawuli.

OLUNYE UDABA: Uzilengisile obanjwe enza ucansi nogogo wakhe

Izikhulu zithi bangaphezu kuka-70 abantu abasesimweni esibucayi okudingeke ukuba baphuthunyiswe eTurkey ngendiza ukuyothola ukwelashwa.

Izihlobo zabalimele bezikhona esikhumulweni sezindiza ukuzothandazela abathandiweyo bazo njengoba beyokwelashwa kwelinye izwe.

Izibhedlela ezigcwele kakhulu eMogadishu "ziyehluleka" ukusiza izisulu ezilimele kakhulu, iningi lazo ezishe ngendlela yokuthi azibonakali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.