Sesinyukile isibalo sababulawe yi-listeriosis

2018-03-09 11:02

Johannesburg -  INational Institute for Communicable Diseases isinxuse izisebenzi zezempilo ukuba ziqhubeke nokuqaphela izimpawu zesifo i-listeria kulandela ukushona kwabanye abantu abathathu ngenxa yaso.

I-listeriosis kuthiwa iqubuke emikhiqizweni yakwa-Enterprise neyakwa-Rainbow Chicken osekuyalelwe ukuba ikhishwe ezitolo.

Isibalo salabo asebebulawe yilesi sifi sesimi ku-183.

NgeSonto, uNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uthe ifemu yakwa-Enterprise ePolokwane ihlonzwe njengendawo okuqubuke kuyona i-listeriosis.

OLUNYE UDABA: Uthi bebenza umsebenzi wabo oKlebe begasela ehhovisi lakhe

Ifemu yakwa-Enterprise eGermiston neyakwaRainbow Chicken eseSasolburg kuthiwa ayathinteka ngemuva kokutholakala kwalesi sifo kupholoni.

NgoMsombuluko ekuseni uMotsoaledi uthe basazama ukuthola izindlela zokubhekana nale nkinga.

UNgqongqoshe uphinde wanxusa umphakathi ukuba ulahle yonke imikhiqizo ethintekayo noma uyibuyisele emuva.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.