Sesinyukile isibalo sabashone ezikhukhuleni e-KZN

2016-07-27 17:30

Durban – UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uthe sesimi kwabahlanu isibalo sabantu abashone ngenxa yezikhukhula.

Lo Mnyango uqhube ngokuthi lezi zikhukhula zidale umonakalo wezigidi zamarandi.

"Isimo sezulu ebesingesihle sidlule nemiphefumulo yabantu abayisihlanu, kwathi abanye basala bengenamakhaya kulezi zikhukhula,” kusho uMnyango esitatimendeni.

UMnyango uthe muningi kakhulu umonakalo odalwe yizimvula ebezina esifundazweni.

OLUNYE UDABA: Izikhukhula zidale umonakalo eLimpopo naseKZN

"Uhulumeni wenza konke okusemandleni ukuthola izindlela zokulungisa umonakalo.”

UNgqongqoshe woMnyango uNomusa Dube-Ncube uthe zingase zibashodele izinsiza.

"Izinsiza zethu zincane kakhulu kepha siyakwazi ukupatanisa ngenxa yamathimba aqeqeshiwe esisebenzisana nawo.”

Izimvula ezinkulu zinethe e-KZN ngeSonto nangoMsombuluko, zaholela ekutheni kube nezikhukhula eThekwini namaphethelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.