Sesitholakele isidumbu somfana 'owahlaselwa yingwena'

2017-02-09 14:01

Jophannesburg - Amaphoyisa athole isidumbu somfana oneminyaka engu-10 ubudala okukholakala ukuthi wahlaselwa yingwenya eBushbuckridge, eMpumalanga.

Ngokusho kwalowo okhulumela amaphoyisa uCaptain Pottie Potgieter, isidumbu sitholwe endaweni engamakhilomitha amathathu nalapho okwenzeke khona isigameko.

OLUNYE UDABA: Ushonile umfana olunywe ingwenya edoba

Lokhu kuza ngemuva kokuqoqana kwamalungu omphakathi endaweni yesigameko ethungatha lo mfanyana emfuleni iNgwearitsi esigodini saseJim Brown ngeSonto, kubika iLowvelder.

Kusolwa ukuthi izingane ezintathu zazibhukuda ngesikhathi eyodwa yazo, umfana igxavunwa yinto okukholakala ukuthi yingwenya.

Laba abanye babaleka beyobikela abadala.

UPotgieter uthe isisulu nabangani baso kuthiwa babelusa izinkomo ngasemfuleni endaweni engashoni.

Uqhube ngokuthi abangani ababili, ababekhona endaweni yesigameko bathe, lo mfana ubenqunu ngesikhathi ehlaselwa.

URobbie Williams, osebenza eKruger National Park uthe, ngenxa yezimvula zakamuva imifula emincane iyagcwala, izilwane zibe sezikwazi ukungena kula manzi amaningi.

"Izingwenya ziyakwazi ukuhamba zize zifike ngalapho okutholakala khona ukudla," esho.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.