Seziqalile izinhlelo ze-INK Festival

2018-03-19 11:03

Durban - Seziqalile izinhlelo zokulungiselela ifestivali yamaciko yaminyaka yonke, i-INK Arts Festival, eyenzeka okwesikhombisa nonyaka.

Le festivali ezoba maphakathi nenyanga yamagugu uMandulo (Spethemba 21-24), isungulelwe ukuthuthukisa amaciko nokuwafundisa ngale mboni.

Okunye okubalulekile wukuthi ifestivali kakuyona eyamaciko angaphansi kwe-INK (Inanda, Ntuzuma, KwaMashu) kuphela kodwa naqhamuka kwezinye izingxenye zezwe, nangaphandle KwaZulu-Natal imbala.

OLUNYE UDABA:Iqembu likaMaskandi lithembisa ngokuthi ngeke lehlukane

Phakathi kwebalekelele ngokusho kukaMlondi Ngcobo osebenza kuleli hhovisi, kubalwa uScelo Gowane ongumculi, Oliver Amisi osenebhizinisi lokuthwebula izithombe, uNkanyiso Zulu owaziwa ngelikaFerrero esteji noke waqokwa waba yi-INK Artist of The Year.

Izinhlelo zokugqugquzela (activations) ukuba yingxenye yefestivali yalo nyaka ziqalile emahholo alama lokishi ekuqaleni kwale nyanga kanti zisazodlulela kwaBester Hall ngomhlaka-24 kwezokwethwasa u-Ephreli, KwaMashu L Hall ngomhlaka-12 Meyi, kugoqwe umhlaka-26 Nhlaba eNtuzuma A Hall.

Okuzobe kwenzeka kulezi zigcawu wukubhaliswa kwamaciko azoba yingxenye yefestivali, kuphoswe abahleli bayo imibuzo, kube nezikhulumi zosuku ngokunjalo nabazonandisa.

Nonyaka kuhlelwe ukuba kube nabaculi abangu-50, abenza ezithinta ishashalazi abangu-6, abamafilimu, abezemfashini nezemidwebo.

Eminye imininingwane iyatholakala ku-www.inkartsfestival.co.za nasekhasini labo ku-Facebook elithi INK Arts Festival noma ngokuthumela i-email ku-mzimelalegacyfoundation@gmail.com.

 - ILANGA LangeSonto

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.