Sezixoshwe zonke izintatheli zakwa-SABC ebezimisiwe.

2016-07-19 14:33

Johannesburg – Zixoshwe ngokusemthethweni izintatheli eziyisikhombisa zakwa-SABC kwathi inkontileka yeyodwa yangavuselelwa, lokhu kuqinisekiswe yiNews24 ngoLwesibili.

Izintatheli ezine zixoshwe ngoMsombuluko kwathi ezimbili zafakwa amasondo ngoLwesibili, kanti manje nenye isiphumele obala ngokuxoshwa kwayo.

“Besikulindele vele lokhu okwenzekile, kepha umzabalazo uyaqhubeka,” kusho umhleli wezomnotho uThandeka Gqubule etshela iNews24.

Intatheli yesishiyagalombili exoshiwe kube nguVuyo Mvoko, obengasebenzi ngokugcwele kwa-SABC.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwaxoshwa ezinye izintatheli eSABC

Kuvele ekuseni ngoLwesibili ukuthi lo msakazeli womphakathi uxoshe uBusisiwe Ntuli, osebenza kwiSpecial Assignment, noLukhanyo Calata, obeyintatheli ecoshela eKapa.

Laba abanye ngoFoeta Krige, Suna Venter, Krivani Pillay noJacques Steenkamp - abaxoshwe ngoMsombuluko.

I-SABC ixoshe lezi zintatheli ngokuphumela obala zikhulume ngokusebenza ngokungakhululeki uma zibika izindaba.

Lezi zintatheli ziveze ukuthi lolu daba zizoludlulisela eNkantolo yezabaSebenzi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.