SFISO NCWANE: Hamba kahle sosha lethu

2016-12-10 12:46

Durban - Alokhu eqhululwe njalo amanoni esihlabani somculo esingasekho emhlabeni, uSfiso Ncwane, enkonzweni yakhe yomngcwabo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Kule nkonzo eshayelwa ngokubambisana nguDudu Khoza noLinda "Mr Magic" Sibiya, abalandeli bakaNcwane badele imvula bayovalelisa iqhawe labo.

IMeya yeTheku uZandile Gumede ukhulume wathi uNcwane ulifukule kakhulu iTheku ngomculo wakhe onikeza ithemba futhi obududuza.

OLUNYE UDABA: Abalandeli badele imvula bezovalelisa kuSfiso Ncwane

"Ngithanda ukukhalisana nomndeni kanye nonkosikazi wakhe abemthanda kakhulu, u-Ayanda. Izinhliziyo zethu zephuke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni.

"USfiso ubenikela kakhulu emphakathini futhi ubeyazi inkonzo yokuxolelana. Uhambe emhlabeni esekulungisile konke," kuqhuba uGumede.

"Sizoqhubeka nokweseka abaculi baKwaZulu-Natal, ikakhulukazi ngoba bangamanxusa esifundazwe.

"Angingabazi ukuthi iculo elizohlukanisa unyaka lizophuma la eThekwini," esho, kwalandela inhlokomo.

"Hamba kahle Ncwane, Manzini, Gwabini. Hamba kahle sosha lethu."

Umphathi wohlelo uKhoza ubelokhu encome uNcwane ngentobeko nangokufukula indawo yangakubo uMthwalume.

Umalume kaNcwane, uMduduzi Ncwane, uthe bewumndeni balahlekelwe kakhulu ngokuhamba komshana wakhe.

"Sizomkhumbula kakhulu umshana. Siyabonga kakhulu ngokwesekwa esikutholile singumndeni kusukela sizwe izindaba zokudlula kukamshana.

"Namanje asikakholwa ukuthi ngeke siphinde sisambona. Sibuhlungu kakhulu," esho.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.