Sibaleke saziphonsa esizibeni isigebengu - eGoli

2017-01-09 19:00

Johannesburg – Kuphele amahlathi kowesilisa oziphonse esizibeni ebalekela amaphoyisa osolwa ngelokugqekeza.

Kube ncane indawo isigebengu sesiminza ngemuva kokuziphonsa esizibeni eZoo Lake eGoli ngoMsombuluko.

Lokhu kwenzeke ekusengi ngemuva kokuthi le ndoda izame ukugqekeza umuzi oseGreenside, kubika iCitizen.

OLUNYE UDABA:Ubaba ubulale isigebengu ebesizama ukudubula indodakazi

Amaphoyisa abekhona kule ndawo athi umzimba walo mlisa ubonwe abantu abazivocavoca ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aseParkview uTinstwalo Sibeko uthe kusolakala sengathi umufi ungomunye wezigebengu ezimbili eziboshwe ekuseni ngoMsombuluko ngemuva kokubanjwa bezama ukugqekeza.

“Kusaphenywa ngokuphunyuka kwalo mlisa emaphoyiseni njengoba ebaleke ngesikhathi amaphoyisa ezama ukumsayinisa ifomu lamalungelo akhe,” kusho yena.

Ngokusho kukaSibeko lo mlisa uneminyaka engu-23 ubudala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.