Sibanjwe inkunzi isihlobo sika-Oscar emzini waso

2017-02-03 13:01

Pretoria – Isihlobo sika-Oscar Pistorius sibanjwe inkunzi emzini waso osendaweni yabadla izambane likapondo ePitoli ngoLwesithathu.

ULois, 59, uhlaselwe esemzini wakhe, kusho okhulumela umndeni kaPistorius, uJohan van Wyk ekhuluma neHuisgenoot.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mavela Masondo, esitatimendeni, uthe isihlobo sikaPistorius sihlaselwe ngezithuba zabo-15:50 emzini waso oseWaterkloof ngesikhathi siphuma ezitolo.

ULois ubesasegaraji ngesikhathi indoda ebiphethe isando iqonda kuyena, kubika iNetwerk24.

OLUNYE UDABA: Sekuhoxiswe inkonzo yokukhumbula abashona emayini

Indoda imsabisile yafuna izindandatho zakhe. Iphinde yathatha nesikhwama semali ebesisesihlalweni semoto.

Ezinye izigebengu ezimbili ebeziphethe izibhamu bezikhombe ngazo isisebenzi kanye nonogada.

Izigebengu zibaleke ngemoto emnyama ebipake ngaphandle komuzi wakhe.

Akulimalanga muntu kulesi sehlakalo kanti futhi akukaboshwa muntu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.