Sibanjwe sicashe esihlahleni isigebengu ebesizogqekeza

2017-09-05 07:00

Ballito - Abasolwa ababili babanjwe oqotsheni ngezintatha zangoMsombuluko ekuseni eShortens Estate, ngaphandle kwaseBallito, North Coast Courier.

Ngezithuba zibo-03:00 ekuseni, unogada osebenzela inkampani iMarshall Security ubehlola isimo kule ndawo ngesikhathi ebona amadoda amabili ephethe impahla.

La madoda abephuma komunye umuzi okule ndawo ekhipha le mpahla ngothango.

Lo nogada, ubize ozakwabo ukuba bazomlekelela ukubamba lezi zigebengu.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa athungatha abasolwa ngemuva kokushiswa komtholampilo

Kuthiwa laba basolwa baphule iwindi egumbini lokugezela kulo muzi abebe kuwo le mpahla, base bethola intuba yokungena.

Ngesikhathi labo nogada belandela umkhondo walaba basolwa, bathole oyedwa egibele phezu kwesihlahla ecashe kuso.

Onogada bathole lo msolwa ephethe i-laptop kukhona umakhalekhukhwini wakwaSumsang ephaketheni.

Kubuye kwatholakala namabhuzu okuqwala intaba kuyo le ndawo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.