'Sibavimbe sebezoqala leyo nkonzo'

2017-01-30 16:00

Mangaung - NgoMgqibelo, abesimame baselokishini iCaleb Motshabi bashaye phansi ngonyawo bethi sebekhathele ngaphambi kokutitinya ikhehla ngenduku lisazijabulisa ngentokazi, 18.

Ngokusho kwalabo mama, bebehleli kamnandi naleli khehla, 66, beziphuzela ejoyintini ngesikhathi le ntokazi iheha leli khehla ngomdanso walo.

“Ibifequza ingaqedi le ntombazane phambi kwaleli khehla nalo lingawasusi amehlo alo kuyona.

“Sihlale sakubukisisa lokhu ngoba bebecabanga ukuthi sidakiwe asiboni ukuthi kwenzakalani,” kusho labo mama.

Bathi babone le ntombazane isiphuma naleli khehla, babalandela bafuna ukubona ukuthi bayaphi futhi bayokwenzani.

“Sibavimbe sebezoqala leyo nkonzo,” kusho leli qulu labesimame.

OLUNYE UDABA:Umfana, 11, uthenge ucansi kumqwayizi, 31

Unkosikazi waleli khehla usincome kakhulu isenzo sala makhosikazi, wathi amsizile amqondisela umyeni wakhe.

“Ekugcineni uthole okumfanele. Uhlezi engijolela kanti njalo uma ngimubamba uyaxolisa athembise ukuthi ngeke kusenzeka kodwa aphinde futhi,” kusho unkosikazi.

Lo mama, 51, uthi umyeni wakhe usewuhlukumezile umoya wakhe ngokulokhu eshintsha izintombi phambi kwakhe.

Le ntokazi okuthiwa ibihamba naleli khehla ikuphikile konke lokhu, kubika iDaily Sun.

 “Lo baba siphumisane naye kule ndawo, yena uthathe ibhayisikili lakhe wahamba nami ngahamba ngezinyawo. Labo mama bebecabanga ukuthi sihamba ndawonye ngoba sobabili besiya endaweni eyodwa.

“Ngisemncane kabi ukuthi ngingaya ocansini nalo baba futhi ngihlele ukuvula icala ngoba ngishaywe ngingenzanga lutho,” kusho le ntokazi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.