Sibhekene namacala isikhulu samajele eKZN

2017-06-11 10:50

Durban - Kusinda kwehlela kuKhomishana wamaJele KwaZulu Natal uMnu Mnikelwa Nxele njengoba izinkinga zakhe zilokhu ziqhubeke njalo.

Kamuva nje kulindeleke ukuba avele phambi kwesigungu esiqondisa izigwegwe kulo mnyango ngamacala amabili asolwa ngawo.

Kuthiwa uMnu Nxele usolwa ngokukhwabanisa ngokufuna ukukhokhelwa ngenani lamakhilomitha emoto enkulu ekubeni esebenzisa imoto encane.  Elinye icala abhekene nalo futhi kuthiwa ngelokulahla isibhamu somsebenzi wangabika emnyangweni.

Umthombo weLANGA LangeSonto ongaphakathi kulo mnyango upotshozele leli phephandaba ukuthi kulindeleke ukuba uMnu Nxele avele kulesi sigungu eMgungundlovu ngoLwesine mhla ziyi-15 ayoziphendulela ngalawa macala athweswe wona.

OLUNYE UDABA: Kushe kwashona owesifazane

Ebuzwa ngalolu daba uMkhuzi wezamajele kuzwelonke uMnu Zach Modise uyiqinisekisile eyalawa macala athweswe uMnu Nxele, nokuthi uzovela kwisigungu esiqondisa izigwegwe.

Kwenzeka lokhu nje kuxabene ubendle emnyangweni wamajele kulesi sifundazwe, inkantolo yezeziSebenzi eThekwini isanda kukhipha isinqumo sokuthi yena kanye uMnu Nxele akhokhe izindleko zecala elichithiwe lapho ayezame ukumisa esikhundleni uMnu Jabulani Zikhali oyibamba likaKhomishane ejele laseWestville naseMzinto.

Kulolo daba inkantolo inqume ukuba uMnu Nxele akhokhe izindleko zikammangali nommeli wakhe, ezomnyango nommeli wawo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.