Johannesburg – Ukushona komculi we-gospel, uLundi Tyamara, ekuseni ngoLwesihlanu kukhalise inqwaba yabalandeli kanye nabanye abaculi.
Nakuba kunjalo, isiZulu sithi akuyiwa nganxanye kungewona amanzi.
Ezinkundleni zokuxhumana kunabanye abantu asebezwakalise ukujabula ngokushona kukaLundi.
Kwesinye sezithombe esesisabalale ezinkundleni zokuxhumana nesikhalisa abanye babalandeli, sinomyalezo othi iNkosi isizile “yathatha uLundi ngoba ubeyisitabane”.
UMthobisi Godfrey kuFacebook uthe: “Siyabonga Nkosi ngokusehlisela izinga lezitabane...Engathi noSomizi Mhlongo, GC, Selby Mkhize kanye nabanye abayizitabane bazolandela uma bengashintshi.”
Omunye uthe uLundi akayosha esihogweni, washo nokuthi ubulawe yingculazi futhi uzofika elindwe uSathane esihogweni.
OLUNYE UDABA: "Ulwile uLundi futhi besithi uzosinda"
Ngabe sikhona isidingo sokuba abantu basizakale ngokushona komuntu noma ukufisela abanye ukuba bafe ngoba ungahambisani nendlela abaphila ngayo?
Ukuthi indlela abanye abantu abaphila ngayo awuyithandi akusho ukuthi kumele bafe.
Ukuphawula okunjena okwenza kwande ukubulawa kwabantu abayizitabane ezweni lakithi.
Umuntu uma kungekho okuhle angakusho akangaphawuli ngoba noma ngabe kuthiwa ubeyisitabane uLundi kodwa ubenomndeni, ubeyingane yomuntu futhi ubenabangani.
Kuthini ukuphawula kwakho ngalesi sithombe esingezansi?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter