Sibuyela enkantolo isishoshovu se-FeesMustFall

2017-10-05 11:00

Johannsburg -  Isishoshovu sezitshudeni, uMcebo Dlamini, kulindeleke ukuba sibuyela namuhla (ngoLwesine) eNkantolo yeMantshi yaseGoli ngecala lodlame lwasemphakathini, ukwephula umthetho wenkantolo, ukushaya, ukweba nokucekela phansi impahla.

La macala abhekene nalesi sitshudeni sase-University of Witwatersrand asuka embhikishweni wango-2016, iFeesMustFall.

Ngomhlaka-7 Septhemba, laphinde lahlehliwa icala ngemuva kokuba inkantolo ilalele ukuthi UDlamini usethole ummeli omusha, uKhathutshelo Mathibe. Umshishisi uSteven Rubin wathi ubengakaze atshelwe ngoMathibe, owatshela inkantolo ukuthi nguye ozomela uDlamini.

OLUNYE UDABA:Ubuyela enkantolo uMcebo Dlamini

Wathi usekulungele ukuqhubeka necala futhi wazi konke ngosekwenzekile ecaleni. Umathibe wathi ulinde ukuba umbuso umnike ubufakazi babo ngoDlamini.

URubin wathi kubufakazi bombuso kunevideo. Watshela inkamntolo ukuthi le video isikopishiwe sekusele ukuthi ibukwe. Lokho kusho ukuthi icala alikwazi ukuqhubeka.

Ngomhlaka-29 Agasti, icala likaDlamini lahlehliswa ngmuva kokuba ummeli wakhe engaphumeleli ngenxa yokuxinwa wukugula. Ummeli wakhe uThabo Kwinana, wathumela umqhafazo ethi akaphumemeli ngenxa yezimo ezithile.

UDlamini waboshwa ngo-Okthoba 2016, wadedelwa ngebheyili yemali engu-R2 000 ngoNovemba eNkantolo eNkulu yasePalm Ridge.

Izitshudeni ezweni lonke zabhikisha ngo-Okthoba 2016, zifuna imfundo yamahhala.

 - ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.