Sichithiwe isicelo sabasolwa ebebefuna kuhoxiswe amacala

2017-10-18 14:03

Cape Town – Abesilisa ababili abasolwa ngokudlwengula nokubulala uSinoxolo Mafevuka,19, ayiphumelelanga imizamo yabo yokuba kuhohoxiswe amacala abathweswe wona ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu eWestern Cape isichithile isicelo sabo ngoLwesibili.

Lezi zihlobo, uXolisa no-Athabile Mafevuka, bafake isicelo sokuhoxiswa kwamcala, bethi ubufakazi boMbuso buyashayisana.

Isicelo sabo sifakwe ngokwesigaba-174 seCriminal Procedure Act.

Lesi sigaba siye sisetshenziswe uma kubonakala ukuthi abasolwa akulula ukuba bangalahlwa amacala, noma uma ubufakazi bofakazi boMbuso bungahlelekile ngendlela yokuthi ngeke kwathenjelwa kubona.

OLUNYE UDABA: Kuxoshwe ikhansela le-ANC 'ngokudayisa' umhlaba

UMafevuka, 19, watholakala eshonile ethoyilethe lomphakathi ku-SST 2 Block, eTown Two, eKhayelitsha ngoMashi 2, 2016.

Wayenqunu, izingubo zakhe zifakwe ethoyilethI.

Ukuthethwa kwecala kuyaqhubeka.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.