Sichithiwe isicelo samalungu e-ANC angeneme ngengqungquthela yase-Eastern Cape

2017-10-02 10:37

East London – Ujaji Belinda Hartle ukhiphe isinqumo ngesicelo sokuphonselwa kweselelo ukubanjwa kwengqungquthela yokukhetha ubuholi obusha be-ANC esifundazweni i-Eastern Cape.

Isicelo salabo ebebengeneme ngokuqhubeka kwengqunguthela sichithiwe.

Inkantolo ithe nakuba isicelo sichithiwe, abakubhale emaphepheni abawafake enkantolo kungasetshenziswa ukubuyekeza ingqungquthela.

Inkantolo iyalele labo ebebefake isicelo ukuba bakhokhe izindleko zecala.

OLUNYE UDABA: URamaphosa ugxeke udlame olubonakale engqungqutheleni ye-ANC 

Lowo osanda kukhethwa njengomholi omusha we-ANC esifundazweni, u-Oscar Mabuyane, uthe isicelo ebesifakwe enkantolo bekuhloswe ngaso ukuphazamisa njengoba uhlelo lonke lulandeliwe ngesikhathi sokhetho.

Abafake isicelo enkantolo bebekhala ngokuthi ingqungquthela bekumele ingaqhubeki kulandela ukuqubuka kodlame ngaphambi kokhetho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.