Sichithiwe isicelo sikaBobani ne-UDM

2017-09-19 13:59

Port Elizabeth – INkantolo eNkulu yase-Eastern Cape, ePort Elizabeth, isichithile isicelo esiphuthumayo ebesifakwe yi-United Democratic Movement (UDM) kanye nobeyiphini lemeya, uMongameli Bobani.

UBobani ne-UDM bafuna inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba sihoxiswe isinqumo sokukhishwa kukaBobani esikhundleni sakhe kulandela ukuphumelela kwesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bakhe.

Isicelo silalelwe uJaji Dayalin Chetty enkantolo ebigcwele phama ngoLwesibili.

UChetty ukhale ngokuthi isitatimende esifungelwe sikaBobani silethwe kuyena ngaphambi kuka-09:00 ekuseni.

UChetty uthe akafuni kukhulunywe kabanzi ngecala, kodwa ufuna ukuzwa kabanzi ngokuphuthuma kwalo.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe owesifazane 'ngokubulala' usana

Ngemuva kwefefu, u-Advocate Willie Vermeulen SC, we-UDM noBobani, uthe lolu daba luyaphuthuma ngoba umasipala ufuna ukuqasha omunye umuntu ngoSepthemba 21 esikhundleni akhishwa kusona uBobani, futhi umphakathi udinga ukwazi ngokuzokwenzeka.

U-Advocate Steven Budlender, obemele usomlomo kanye nomasipala, uthe lolu daba aluphuthumi, ngoba ngisho isikhala singavalwa, kodwa asangabuyiselwa uBobani ngokuhamba kwesikhathi uma kusho inkantolo.

UChetty ube esekhipha isinqumo sokuthi lolu daba aluphuthumi, walikhipha enkantolo,  wayalela ukuba bakhokhe izindleko zecala.

Lokhu kusho ukuthi kuzomele basifake kabusha isicelo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.