Sichithiwe isicelo sikaBrian Molefe enkantolo

2018-04-17 13:59

Pretoria – Inkantolo eNkulu eNorth Gauteng ngoLwesibili isichithile isicelo salowo owayeyisikhulu esiphezulu kwa-Eskom uBrian Molefe sokuphikisa isinqumo senye inkantolo sokuba akhokhe ingxenye yemali yempesheni ayithola.

UMehluleli Elias Matojane uthi ngokubuka lokho okwethulwe enkantolo, “asikholelwa ukuthi enye inkantolo izofinyelela esinqumweni esehlukile ngalolu daba…ngaleyo ndlela isicelo sokudlulisela phambili lolu daba asiphumeleli.”

OLUNYE UDABA: Inkantolo izolalela isicelo sikaMolefe

UMolefe wafaka isicelo sokudlulisa isinqumo senkantolo eyathi kumele akhokhe ingxenye yemali yempesheni eyithola kwa-Eskom, yaphinde yathi wabuyiselwa ngokungemthetho esikhundleni sakhe.

Inkantolo yayalela uMolefe ukuba akhokhe imali engu-R11m kwengu-R30m ayithole kwa-Eskom, zingakapheli izinsuku eziyishumi.

Imali wakhokhelwa yona ngemuva kokuthatha umhlalaphansi ngoNovemba 2016.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.