Sichithiwe isicelo sowanquma ingane uqhoqhoqho 'elaya' intombi

2016-07-01 07:17

Pietermaritzburg - Owesilisa, 22, wasebenzisa isihluku esimangalisayo enquma umfana, 4, uqhoqhoqho kangangoba le ngane izophefumula ngosizo lwembobo ezogqojozwa emqaleni impilo yayo yonke.

Lokhu kuvele eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngoLwesine.

UThamsanqa Mtshali ukhale ngaphansi ekudluliseni isigwebo seminyaka engu-15 asithola ngemuva kokulahlwa yicala lokuzama ukubulala.

OLUNYE UDABA: Uzigwaze uqhoqhoqho obulale umkakhe

UMtshali walivuma icala lokuzama ukubulala wase egwetshwa yinkantolo yaseMtubatuba ngo-2014.

Uthi wayeziphindiselela kumama wengane ngoba wayengathembekile kuye ngesikhathi bethandana.

Umshushisi uJohan du Toit utshele inkantolo ukuthi le ngane yathwala kanzima ngesikhathi ihlwithwa kumama wayo, yase ilinyazwa ngesihluku.

Uthe lo mfanyana wayezoshona ukuba akahlengwanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.