Sidinga uhulumeni omusha, kumele kuyiwe okhethweni ngokushesha - DA

2017-08-09 14:21

Cape Town – Umholi weDemocratic Alliance uMmusi Maimane ngoLwesithathu ekuseni uthe uzofaka isiphakamiso sokuhlakazwa kwePhalamende, wathi abantu bakuleli abasabuthembi ubuholi be-African National Congress. 

Ngokwesigaba 50 soMthethosisekelo, uMengameli Jacob Zuma kuzomele amemezele usuku lokhetho ngokushesha uma isiphakamiso siphumelela, kusho uMaimane. 

UMaimane uthi bazolwela ukhetho benzela ikusasa lezwe.

Uthi uma kulindwa isikhathi eside, uMengameli Zuma uzobe eselicekele phansi waliqeda izwe ne-ANC.

OLUNYE UDABA: Akukapheli ngoZuma - Amaqembu aphikisayo

UMaimane uthe isiphakamiso bazosifaka ngoLwesine kulandela ukungaphumeleli kwesokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Zuma ngoLwesibili.

“Ushintsho esiludingayo, kanye nesiqalo esisha ngeke sikuthole engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi ngoDisemba. Sidinga uhulumeni omusha, nesiqalo esisha manje. Yingakho sifuna kuyiwe okhethweni.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.