Sidonsa kanzima isitolo sefenisha sodumo esesehlelwa yinzuzo

2017-05-24 10:58

Cape Town – USihlalo, ilungu lebhodi kanye noChief Financial Officer besitolo sodumo sefenisha, iLewis Group, [JSE:LEW] sebememezele ukuthi bazoshiya kulesi sitolo ngemuva kokuthi simemezele ukwehla kwenzuzo ngo-35.6% kunyaka wezezimali ophele ngomhlaka-31 March 2017.

USihlalo wakwa-Lewis, uDavid Nurek, usetshele ibhodi ukuthi uhlela ukuthatha umhlalaphansi ngemuva kokuqhoqhobala isikhundla sokuba nguMqondisi kanye noSihlalo walesi sitolo kusukela safakwa ohlwini lwezitolo ezihweba ku-JSE ngo-2004, lesi sitolo sisho kanjalo esitatimendeni ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: Inkampani yamaselula ifuna isixazululo kolwabasebenzi abaxoshwe nge-SMS

Ngaphezu kwalokho, iChief Finincial Officer, uLes Davies, usetshele ibhodi ukuthi uzokwehla kulesi sikhundla kanjalo nasesikhundleni sokuba yi-Executive Director yezitolo ezingaphansi kwaLewis ngomhlaka-31 kuMashi, lesi sitolo sisho kanjalo kwesinye isitatimende ngoLwesithathu.

UBen van der Ross, oyilungu lebhodi, naye kulindeleke ukuthi ashiye maduzane kulesi sitolo.

Lesi sitolo silokhu siqhubeke njalo nokungenzi kahle njengoba izinga lokukhula komnotho wakuleli lilokhu liphansi kanye nezinga elikhulu lokungasebenzi kwabantu abayisizinda samakhasimende alesi sitolo, ngokusho kwaso.

“Inzuzo ka-R5.6bn ibe ukwehla okungu-3.3% ngonyaka odlulile nokwenziwe ukwehla ngo-4.3% kwenye imali enganayo,” uLewis usho kanjalo.

Okunye okwenza izinto zibe nzima kulesi sitolo sodumo ukuthi izindleko zokuqhuba ibhizinisi zilokhu zikhule njalo kulesi sitolo, yize noma sithi sisakwazi ukufaka imali. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.