Sifuna imisebenzi hhayi amabhanoyi -Maimane

2016-07-01 07:30

Johannesburg – Umholi weDA uMmusi Maimane umashele ekomkhulu le-ANC ngoLwesine efuna ukuba izinhlelo zokuthengela izikhulu eziphezulu kuhulumeni ibhanoyi ngo-R4 billion zihoxiswe.

“Ngo-R4bn singakhokhela ama-internship entsha yaseNingizimu Afrika angaphezulu kuka-160 000 unyaka owodwa,” usho kanje, waphinde wathi u-R4bn ungaphinde usetshenziselwe ukukhokhela  amathuba emisebenzi e-Expanded Public Works Programme angaphezu kuka-600 000. Ulibhekise eLuthuli House enkabeni yedolobha laseGoli ephethe uhlu lwezikhalazo.

Funda nalolu daba: Ugwetshiwe owavuma elokubulala umyeni

Okhulumela i-ANC uZizi Kodwa uthe isenzo seDA sikhombisa khona ukuthi iyakholelwa ukuthi i-ANC ingazixazulula izinkinga zabantu.

“Akulona ibhanoyi le-ANC leli. Yisinqumo soMbuso futhi siyakwazi thina ukuhlukanisa phakathi kweqembu noMbuso,” usho kanje kwiNews24.

UMaimane uthe iqembu lakhe lifuna ukucacisela uZuma ukuthi bafuna imisebenzi hhayi amabhanoyi.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.