Johannesburg - Isisebenzi sasendlini sihlela ukufaka isikhalazo kuKhomishana obhekelele amaLungelo Abantu ngokuhlukunyezwa yilowo owayengumqashi waso.
Lokhu kulandela isigameko lapho owayengumqashi waso emubophele esangweni ngesikhathi eyofuna imali angazange amkhokhele yona.
“Wavele wangidonsa wangifaka ozankosi wangihudulela esangweni elikhulu nokuyilapho angibophela khona,” kusho lesi sisebenzi.
OLUNYE UDABA:Uboshiwe owesilisa obhokode isisebenzi sasendlini ngommese
Lesi sisebenzi sithi asikwazi ukudlulisa okwenzeka kusona ngoba sesihlukumezeke ngezindlela eziningi.
Sithi selokhu sagcina ngoNovemba wonyaka odlule ukuthola iholo eliphelele, kubika iSABC News.
Abazibonela ngawabo bathi lo mqashi ongumuntu wesilisa wavele waba nolaka elokhu esithuka isisebenzisi sakhe.
Laba banqabile ukuthi inkulumo yabo iqoshwe ngamakhamera ngoba besabela impilo nokuphepha kwabo.
Lo mphathi waboshwa, wavulelwa icala lokushaya, kodwa leli cala lahoxiswa okwesikhashana yize amaphoyisa afika endaweni yesigameko lesi sisebenzi sisaboshelwe esangweni.
"Sifike sabopha umsolwa wase evela enkantolo ngosuku olulandelayo. Idokodo lakhe belingeyona ingxenye yamacala abezoqulwa ngalelo langa lase lihoxiswa ukuze kuphenyisiswe kabanzi,"kusho umseshi.