Sifuna ukuxosha izikhulu zikahulumeni ezisebelayo ziphinde zisiqambele amanga - Ramaphosa

2018-03-07 14:00

Cape Town - UMengameli Cyril Ramaphosa usezwakalise ukuzibophezela kwakhe ekuxosheni zonke izikhulu zikahulumeni ezibambezela ukuhanjiswa kwentuthuko kubantu.

"Sifuna ukukhuculula zonke izinto ezingalungile ezifana nenkohlakalo; abantu abantshontsha imali nabamosha izinsiza zikahulumeni, abaqamba amanga bebe besezikhundleni.

"Sifuna ukubaxosha bonke labo bantu," kusho uRamaphosa ekhuluma nezakhamuzi ezimjoyinile ngesikhathi ezivocavoca ekuseni esuka eKhayelitsha elibangise eMitchells Plain, eKapa.

"Baningi abantu baseNingizimu Afrika abaqotho futhi singathanda ukubabeka endaweni efanele ukuze basebenzele abantu bethu."

OLUNYE UDABA: #UmkhabaMustFall - Ramaphosa

Egqoke isikibha esinemibhalo ethi "Thuma mina" - uRamaphosa ukhulume nabantu abasebenzela umphakathi kanjalo nezakhamuzi ngesikhathi ethatha lolu hambo lwemizuzu engu-90.

Lokhu kuzivocavoca kuyingxenye yakhe yokugqugquzela ukuphila impilo enhle.

Uthe uhlangane nabafundi abakhale ngokuthi izikole abafunda kuzo kaziphephile, wethembisa ngokukhuluma nongqongqoshe bezeMfundo esemazingeni aphansi nowamaPhoyisa.

Uqhube wathi bazibophezele ekwakheni imiphakathi engenazo izidakamizwa, amaqembu ezigelekeqe nobugebengu.

"Njalo uma sihlangana nabantu bakhala ngamathuba emisebenzi. Sifuna ukusebenza kanzima ekutheni sithole abatshalizimali. Kuhle ngoba nibonile izolo ukuthi umnotho wethu uyakhula."


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.