Sifuna ukuyiwina le nkomishi: OweChiefs

2017-04-10 12:30

Cape Town – Umgadli weKaizer Chiefs obevutha engabaselwe, uGustavo Paez, usindise iqembu lakhe emlonyeni wengwenya ngesikhathi lijikela i-Acornbush United esiswini njengotshwala emdlalweni womqhudelwano weNedbank Cup last 16 enkundleni yezemidlalo, iKabokweni Stadium.

“Lena yiwini ebaluleke kakhulu ekilabhini,” lo mdlali ucashunwe esho kanjalo ku-website yaleli qembu.

“Sibonile ukuthi isikhathi asikho ngakuthina ngokuqhubeka komdlalo, bekumele ukuthi senze into ehlukile ukunqoba lo mdlalo.”

Yize noma iChiefs ibize kabi ngasekuqaleni komdlalo kodwa iqembu ebelidlalela ekhaya libe nokuzethemba ngokuhamba komdlalo nalapho ligcine khona lilivalele enetheni ngesiwombe sokuqala.

Bese kubukeka sengathi leli qembu elincane lizozigojela lezi zinkunzi zaseSoweto njengoba beseliqala ukuqinisa emuva, kodwa-ke uPaez ubesenezinye izinhlelo njengoba evele waqhamuka namagoli amabili asheshayo.

OLUNYE UDABA: UModise uqinisekise ukuthi uzoyishiya iSundowns

“Umqeqeshi wenze izinguquko ezidingekayo ngesikhathi silandela emuva,” kusho lo mdlali waseVenezuela, ephawula mayelana nokungena kwakhe kanjalo nokozakwabo, uHendrick Ekstein kanye noWilliam Twala.

“Futhi lokho kube ukushintsha kwezinto kuthina. Besingafuni ukuya esikhathini esengeziwe kanye namaphenathi, ngoba lokho bekuzoba wumdlalo we-lotto.

“Sifuna ukuyiwina le nkomishi. Kodwa-ke, siyithatha kancane, kancane, futhi umdlalo ngamunye.”

Kodwa-ke lo mdlali uyakhala ngezimo abebedlala ngaphansi kwazo kule nkundla ebigcwele phama.

“Izimo zebhola zenze ukudlala ibhola kube nzima. Inkundla ibiqinile kanti nokushisa bekucishe kungabekezeleleki,” kusho uPaez.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.