Sigwetshiwe isiboshwa esadlwengula esinye ejele eliseMpangeni

2018-04-08 08:40

Isiboshwa saKwaZulu-Natal esasabisa esinye ngesixubho esiloliwe sase siyasidlwengula, sigwetshwe iminyaka engu-15 ejele yiNkantolo yesiFunda yaseMpangeni, kusho amaphoyisa ngoMgqibelo.

USibusiso Thokozani Manqele, 39, wadlwengula isiboshwa, 24, ngoMeyi 2017, kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

"Isisulu sasisesitokisini saso ejele eliseMpangeni ngesikhathi kungena umsolwa wasisabisa ngokusigwaza wabe eseyasidlwengula. Isisulu sabikela ujele ngemuva kwesigameko,” esho.

UMbhele uthe kwabikelwa amaphoyisa aseMpangeni ngalolu daba kwase kuvulwa icala lokudlwengula.

"Umsolwa wabe esebekwa icala lokudlwengula, laqulwa lase ligcina ngokumgojela. Wagwetshwa iminyaka engu-15 esejele.

“Lokhu kuyizinkomba zokuthi umthetho awukhethi, futhi ubulungiswa busekhona.”

Unanele ngokuthi lesi sigwebo sizothumela umyalezo onqala kwabanye abacabanga ukwenza amacala besejele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.