Sigwetshwe iminyaka engu-30 isisulu sokudlwengulwa ngemuva kokubelethela ethoyilethi

2017-07-13 14:01

El Salvadorian – Intombazane eneminyaka engu-19 ubudala izojeza kanzima ngomphumela wobugebengu obenziwa kuyona, kubika iW24.

IThe Guardian ibike ukuthi u-Evelyn Beatriz Hernandez Cruz, oyintokazi eniminyaka engu-19 ubudala yase-El Salvador, eCentral America, eyadlwengulwa iphindelelwa yilungu leqembu lezigelekeqe maqede yakhulelwa ngenxa yalokho kudlwengulwa, igwetshwe iminyaka engu-30 ibhadla ejele ngemuva kokubeletha ingane esishonile ngenxa yezinkinga ezaba khona ngesikhathi ikhulelwe.

U-Evelyn uthi yena wayengazi ukuthi ukhulelwe ngesikhathi eqala ukuzwa ubuhlungu obukhulu eqolo kanye nasesiswini nalapho agcina ebelethele ethoyilethi esikoleni ayefunda kuso samabanga aphezulu.

Ongoti bahluleka ukuthola ukuthi le ngane esishonile yashonela esibelethweni noma yashona ngemuva kokuphuphuma kwesisu. Kodwa noma kunjalo, ijaji ligwebe u-Evelyn ngecala lokuba nenhloso yokubulala ngoba wahluleka ukunakekela ingane ngendlela efanele ngaphambi kokuba izalwe.

OLUNYE  UDABA: Ugogo ezinsolweni 'zokudayisa' ngabazukulu emadodeni amadala

Abashushisi bathi kungenzeka ukuthi ingane yashona ngemuva kokubelethwa.

I-El Salvador yizwe lapho ukukhishwa kwesisu kungekho emthethweni, kungakhathalekile ukuthi kungaphansi kwaziphi izimo. Lokhu kusho ukuthi abesifazane bangabekwa icala lokukhipha isisu ngisho noma ngabe kungenxa yokudlwengulwa, ukudlwengulwa yilungu lomndeni noma isihlobo esiseduze, ukukhipha isisu uma kubonakala ukuthi ingane angeke ikwazi ukuphila noma esimweni lapho impilo kamama isuke isebungozini ngenxa yokukhulelwa.

U-Erika Guevara-Rosas, wenhlangano i-Amnesty International, uthi ukungavumeleki nhlobo kokukhishwa kwesisu e-El Salvador kuphula amalungelo abesifazane okuphila, ezempilo, ukuba nesikhathi sangasese, inkululeko yokungacwaswa, ukuhlukunyezwa kanye nokunye ukungaphathwa kwahle.

Le nhlangano inxusa ukuba kukhishwe emajele ngokushesha bonke abesifazane ababoshelwa ukukhipha izisu bese kuvalwa nomthetho owenza kube yicala ukuhushula isisu.

Iqhuba ithi abantu besifazane abasebasha kanye nezisulu zokudlwengulwa abakutholi ukwesekwa futhi okunalokho baphathiswa okwezigebengu baphinde bashushiswe. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.