Sihlale ubusuku bonke emgodini wethoyilethi isidumbu sengane ebidukile

2018-03-16 11:01

Cape Town – Besicwile emgodini wethoyilethi eLuna Primary School ubusuku bonke isidumbu sikaViwe Jali oneminyaka eyisihlanu ubudala ngesikhathi umndeni nabasebenzi besikole bemthungatha.

Lokhu kushiwo ngamaphoyisa ase-Eastern Cape, athe le ngane kukholakala ukuthi ingene kuleli thoyilethi ngoMsombuluko, yaze yatholakala ngosuku elulandelayo.

UJali kwabikwa ukuthi udukile, othisha bakhe babizela amaphoyisa kulesi sikoleni esiseBizana kwaba yiwo athola isidumbu, kusho uCaptain Edith Mjoko.

Uthe baphenya ngesigameko sokufa komuntu.

"Asisoli sandla semfene. Isidumbu sisazohlolwa."

OLUNYE UDABA: Ubulale umkakhe wafaka isidumbu sakhe emgodini wethoyilethi

UJali kukholakala ukuthi ubefunda uGrade R.

UNgqongqoshe wezeMfundo yamaBanga aPhansi u-Angie Motshekga uzwakalise ukushaqeka ngoLwesine ngemuva kokuzwa lezi zindaba.

"Ukushona kwengane ngendlela engenasithunzi ngale ndlela akwamukelekile neze futhi kuyakhathaza," esho esitatimendeni.

"Ngithanda ukukhalisana kakhulu nomndeni kaJali, oshone ngoLwesibili. Angifuni nokucabanga ukuthi abazali bale ngane bazizwa kanjani, lesi yisigameko esinzima. Ngizwelana kakhulu nabo."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo esifundazweni uLoyiso Pulumani uthe kuthunyelwe udokotela wengqondo ukuba ayokweluleka abafundi nothisha ngokomqondo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.