Sihoxisiwe isicelo sokuba kuchithwe imiphumela yengqungquthela ye-ANC

2018-01-30 12:30

Pretoria – Isicelo ebesifakwe enkantolo yilungu le-ANC, uVincent Myeni, sokuba ithathwe njengengekho emthethweni imiphumela yabakhethelwa ezikhundleni eziphezulu engqungqutheleni ye-ANC ngoDisemba sesikhishiwe enkantolo.

INkantolo eNkulu yasePitoli itshelwe ukuthi lesi sinqumo sithathwe ngemuva kwesivumelwano esenziwe kulandela ukuvela kwezinye zezinto emaphepheni afakwe enkantolo yiphini likanobhala jikelele uJessie Duarte lifake.

UMyeni phamabilini wafaka amaphepha enkantolo ecela ukuba isinqumo sokuqinisekisa imiphumela yabakhethwa ezikhundleni eziphezulu kwi-ANC sihoxiswe, kukhethwe kabusha.

UMehluleli Norman Davis ubuze ukuthi ngabe lolu daba selusombululekile yini. U-Advocate Francois Botes, obemele uMyeni, wathi cha, akunjalo. 

OLUNYE UDABA: Izikhulu eziphezulu ze-ANC zizodingida ngokuphuma kukaZuma esikhundleni

Uthe kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwezinhlangothi ezithintekayo kulolu daba. Uthe lolu daba uma kwenzeka lubuyela enkantolo ngeke lusafakwa njengoluphuthumayo.

Emaphepheni awafake enkantolo, uDuarte ubecele inkantolo ukuba ilichithe lolu daba bese imkhokhisa nezindleko zecala uMyeni ngoba wehlulekile ukusho ukuthi kungani lolu daba luphuthuma nokuveza ukuthi ngempela uyilungu le-ANC elithembekile yini.

Inkantolo ayishongo ukuthi ubani ozokhokha izindleko zecala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.