Sinyuke ngo-14% isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo ngePhasika

2018-04-17 16:00

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuThutha uBlade Nzimande umemezele ukuthi bangu-510 abantu abashone ezingozini zomgwaqo ngamaholidi ePhasika eNingizimu Afrika.

Lesi sibalo sikhuphuke ngo-14% uma kuqhathaniswa nonyaka odlule lapho okwadlula khona abantu abangu-449 ngesikhathi esifanayo.

Izigameko zenzeke phakathi komhlaka-29 Mashi nomhlaka-9 Ephreli.

Izifundazwe ezinesibalo esiphezulu sokudlula kwabantu emhlabeni, yiseNorthern Cape, eNorth West naseLimpopo.

OLUNYE UDABA:Sinyukile isibalo sabashone ezingozini ngePhasika

UNzimande umemezele izibalo zakamuva eMbizo Media Centre, ePhalamende, ngoLwesibili.

Bekutshalwe amaphoyisa angaphezu kwangu-18 900 ngempelasonto yePhasika ikakhulukazi ezindaweni ezinezinga eliphezulu lezingozi, ukuqinisekisa ukuthi bonke abantu baphephile emigwaqeni.

UNzimande ubejoyinwe ngoNgqongqoshe bezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi nezokuXhumana, iziphathimandla nezikhulu ezibhekelele ezokuphepha emgwaqeni kanye namaphoyisa ezweni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.